Intandane
Intandane

Khuzani - Intandane Lyrics

6
Intandane Music Video

Intandane Lyrics

Yakhal'intandane
Yona ikhala kabi ikhal'esigangeni
Yakhal'intandane
Yona ikhala kabi ikhal'esigangeni
Yona yakhal'intandane
Yona ikhala kabi ikhal'esigangeni
Njengob'ekhal'esigangeni lomntwana lo
Yena waxhoshwa ngubaba wakhe omzalayo yona
Njengob'ekhal'esigangeni lomntwana lo
Yena waxhoshwa ngubaba wakhe omzalayo yona

Ngob'esehlala nomamncane
Esehlala nomamncane
Way'xosh'ingane engathi akayizali
Ngob'esehlala nomamncane
Esehlala nomamncane
Way'phik'ngane yakhe wath akayizali
Ngob'esethole uthand'olusha
Wayphika ingane yakhe wathi akayzali

Wayeseshonile umama oyzalayo wayphika ubaba wayo wathi akayzali
Wayeseshonile umama oyzalayo wayphika ubaba wayo lengane wathi akayzali
Yaze yacoshwa indoda endala esigangeni
Yaythath'indoda endala yayoyfundisa
Yaze yacoshwa indoda endala esigangeni
Yaythath'indoda endala yayoyfundisa
Yena wacoshwa omakhelwane esigangeni
Bamthatha omakhelwane bayomfundisa

Uthena engakhula lomntwana lona
Wayseba nemali eningi
Wajika ubabawakhe owamxhoshayo
Wayofuna usizo lwemali kuyo
Way'phika umntwana leyomali
Wathi webaba mina ngisahlel'esigangeni
Uthena engakhula lomntwana lona
Wayseba nemali eningi
Wajika ubabawakhe owamphikayo
Wayofuna usizo lwemali kuyo
Way'phika umntwana leyomali
Wathi webaba mina ng'sahlel'esigangeni

Wayesehlal'ekhala ngoba engenalutho
Wayesehlal'ekhala ngoba wayengenamali
Wayesehlal'ekhala ngoba engenalutho
Wayesehlal'ekhala ngoba engenamali

Wayesehlal'ekhala ngoba engenalutho (Wakhal'ubaba wayo)
Wayesehlal'ekhala ngoba wayengenamali (Wakhal'ubaba wayo)
Wayesehlal'ekhala ngoba engenalutho (Wakhal'ubaba wayo)
Wayesehlal'ekhala ngoba engenalutho (Wakhal'ubaba wayo)

Writer(s): NKOSIKHONA INNOCENT MPUNGOSE
Copyright(s): Lyrics © Downtown Music Publishing
Lyrics Licensed & Provided by LyricFind

Post your Interpretation

Attach an image to this thought

Drag image here or click to upload image

The Meaning of Intandane

Be the first!

Post your thoughts on the meaning of "Intandane".

Lyrics Discussions
Hot Songs
Recent Blog Posts